Mshengu Chagwe

ABAKWA-DLAMINI

Ngokusho kuka-Mqayikana kaYenge Zondi encwadini ethi
"James Stuart Archives"

UMnyambane kaDlamini kaCebisa wazala uKuta owazala uNomagwala owazala uSiqongweni owazala uLokothwayo owazala uLolwa owazala uLubiyela owazala uNhlonhlonde owazala uDomo owazala uLusibalukhulu.

ULusibalukhulu kaDomo Dlamini
Izingane zikaLusibalukhulu:
Luthuli
Dlamini

UDlamini kaLusibalukhulu
Izingane zikaDlamini:
Mdineka (Gwamanda)
Buhlalubude
Dlomo
Makhaza
UMdineka umuzi wakhe wathi kuseMakhuzeni, uDlomo wathi kowakhe kuseSiphahleni, uMakhaza wathi kowakhe kuseNhlangwini. UMdineka wazala uSivunga owazala uDlomo owazala uNomagaga noZwelibanzi (intombazane). UBuhlalubude wazala uMeyiwa owazala uMdlovu owazala uMzabane owazala uNgonyama.

UNomagaga kaDlomo Dlamini
Izingane zikaNomagaga:
Ncashane
Bhulingwe
Mmiso owazala uKhukhulela
Langeni
Mazongwe owazala uZimu owazala uNtengo
UNomagaga wabulawa nguMdingi kaLanga wakwaMemela, uyise kaMshukangubo, uMshukangubo wabulawa nguSidoyi kaBaleni ngo-1857, maqede wabalekela kuFodo kaNombewu Dlamini. UMmiso kaNomagaga wayesebalekela kwaZulu eyokhonza, wabulawa nguDingane ingane yakhe uKhukhulela yabalekiselwa esilungwini.

UKhukhulela kaMmiso Dlamini
Izingane zikaKhukhulela noNkomose kaLangalibalele Hadebe:
Madulini
Cwi
Fidi
Phatha
Msikofini owazala uZulu
UKhukhulela wabalekiselwa esilungwini ngemva kokuthi ubaba wakhe ebulewe nguDingane. Enye inkosikazi kaKhukhulela kwakunguNomgwaqo kaLangalibalele. UKhukhulela washona mhla zingu-19 kuLwezi 1888. Indodana yakhe uMsikofini yashona ngezi-14 kuZibandlela 1921.

UNgonyama kaMzabane Dlamini
Izingane zikaNgonyama:
Mniki
Malindi
Dunusela
Sihalibhebhe
Nguza
Gobinca
Bhidla
Gibengenca
UNguza kaNgonyama wabulawa nguZihlandlo kaGcwabe Mkhize.

UBhidla kaNgonyama Dlamini
Izingane zikaBhidla:
Makhoba
Mangxunyana
Ngxibongwana
Ngxavovo
Thinjane
Shaka owazala uGcokoda
Qika
Zwelinjani
Dlangana
UZwelinjani wayeyindlalifa kodwa akazange abe nazo izingane.

UDlangana kaBhidla Dlamini
Izingane zikaDlangana:
Sihlangu owazala uNhliziyo
Mafohla
UDlangana washona ngezi-27 kuNhlolanja 1899. USihlangu washona ngezi-3 kuNdasa 1914. UNhliziyo yena washona ngezi-2 kuMfumfu 1914 engenazo izingane.

UDlomo kaDlamini kaLusibalukhulu
Izingane zikaDlomo:
Nongogo
Sotshenge owazala uMantayi

UMantayi kaSotshenge Dlamini
Izingane zikaMantayi:
Dweba
Nongwadla
Mphumela
Fuzula
Nomagwala
Dlungwana

UMphumela kaMantayi Dlamini
Izingane zikaMphumela:
Nontshiza
Namagaga
Nondaba owazala uMbazwana owazala uZidunge

UMakhaza kaDlamini kaLusibalukhulu
Izingane zikaMakhaza:
Tiba
Mabandla owazala uMhwebi owazala uNongcama
UTiba akazange abe nazo izingane, umuzi wakhe wavuswa ngumfowabo uMabandla ngokumzalela uMengcwa.

UMengcwa kaTiba Dlamini
Izingane zikaMengcwa:
Gasa owazala uNombewu
Ndosi

UNongcama kaMhwebi Dlamini
Izingane zikaNongcama:
Sondamashe
Baleni
Vaphi
Ngqambayi

UBaleni kaNongcama Dlamini
Izingane zikaBaleni:
Sidoyi owazala uPhatha
Mawoko

UPhatha kaSidoyi Dlamini
Izingane zikaPhatha:
Mavinkili
Maloma

UNombewu kaGasa Dlamini
Izingane zikaNombewu:
Cimase
Fodo
Nondabula
Muntsu
Mqakama
Socishe
Ngesikhathi bebalekela impi kaShaka, uBaleni noNombewu noMdingi kaLanga Gambu noXesibe, bahlangana babaleka bebonke. Babehamba behlasela ezinye izizwe lapho behamba khona, uXesibe noNombewu bafela emaMpondweni kukho lokhukuhlasela. UNombewu wabulawa nguNcapayi kaMadikane. UMdingi wabulawa nguMagaye Cele emva kokuphela kwalezizimpi.

UFodo kaNombewu Dlamini
Izingane zikaFodo:
Makhwehlela
Nkiswana owazala uBhaka
UDingane wanika uFodo umsebenzi wokuba akhuthaze abantu ababebaleke ngesikhathi sikaShaka ukuba babuye kwaZulu ngokuba banikwe izindawo zokuhlala. UNobanda kaNgwane uyise kaTeteleku Zondi ungomunye walabo abafika ngaso lesisikhathi. Kwathi kungafika uBaleni kaNongcama ezocela indawo kuFodo, uFodo wamnika indawo yakhe yaseMkhomazi yena wasuka wayokwakha eMzimkhulu nabantu bakhe. UMadlenya kaMahawule Fuze wanikwa indawo eFabe ngaseMlazi ngoba abantu bakaNobanda babengebaningi. Ngo-1846 kwaba nempi phakathi kwamaBhaca namaMpondo, ehlulwa amaBhaca kulempi ayesebalekela ezweni likaFodo, lapho uFodo axabana nawo wabulala amanye. Ngenxa yalesisenzo uSomtsewu wasusa uFodo ebukhosini ngo-1847 wabeka umalume kaFodo, wabuyiselwa ebukhosini emva kweminyaka embalwa ngoba abantu bengavumanga ukubuswa ngumalume wakhe.


UPAULINA DLAMINI

UNomguqo Paulina Dlamini uzalwa nguSikhunyana kaMajingwa kaSobhuza.

USikhunyana kaMajingwa Dlamini
Izingane zikaSikhunyana noMaThusi:
Mzondi
Nkonzo
Josiya
Izingane zikaSikhunyana noMaMtshali:
Mtisazwe
Anna m. Sithole
Zinyongo
Izingane zikaSikhunyana noKaMazibuko:
Lina
Nonkomose
Luka
Samuel
Izingane zikaSikhunyana nOkaMalinga Myeni:
Hanna
Salome
Mirriam
Deborah
Andrease
Ingane kaSikhunyana noNonhlwathi kaNjiya kaMashobana Khumalo:
Nomguqo Paulina
USikhunyana wathunjwa nguMaboya kaMbundulwane Buthelezi ngesikhathi uDingane ehlasela amaSwazi, emthumba emzini kaSobhuza kwaNobamba wayombeka emzini wakhe KwaMandeva ngaseFilidi (Vryheid).


Ezinye izizwe ezivela kwaDlamini:
AmaSwazi
AmaHlubi
Ndwandwe/Nxumalo
Mkhize
Makhathini
Caluza
Mthangala
Mzizi (kuthiwa isibongo sakwaDlamini basithenga ngenkomo)
Nhlangubela
Phungula.

 

Make a Free Website with Yola.