ABAKWA-MKHIZE
Ngokusho kukaMbokodo kaSikhulekile encwadini ethi:
"James Stuart Archives"
UNdlozela kaLanga wazala uSidweba owazala uMdladla owazala uGubhela owazala uMavovo.
UMavovo kaGubhela Mkhize
Izingane zikaMavovo:
Khabazela
Mbangi owazala uMagaba
AbakwaMkhize bafika phakathi komfula iNsuze nehlathi laseQhudeni behamba naye uMavovo lona.
UKhabazela kaMavovo Mkhize
Izingane zikaKhabazela:
Gcwabe
Shabase
Umuzi kaKhabazela wawubizwa ngokuthi kuseMpunga.
UGcwabe kaKhabazele Mkhize
Izingane zikaGcwabe:
Zihlandlo
Ntithi
Sambela
Tilongo owazala uNkasa
Sikukuku owazala uThimuni
Ntuli
Siziba
Zinkwindi
Zelize
Zayedwa owazala uNdomba noMkhamangana
Nsele
Luzalo
Mashukumbele owazala uLudonga noSibabili
Amabutho kaGcwabe:
Umshungu
Ushwele
Uthiyathiya
Imbisi
Inceku kaSambela kwakunguMnqundu kaMzukula Ndlovu. UMashukumbele wabulawa ngumfowabo uZihlandlo ngoba egodle izinkomo uShaka ayemphathise zona ukuthi azinike umfowabo uZihlandlo.
UZihlandlo kaGcwabe Mkhize
Izingane zikaZihlandlo:
Siyingela
Mlulama owazala uMguquka
Zembe
Ndabezitha
Lukwilimba
Masuku
Umuzi kaZihlandlo wawubizwa ngokuthi kuseNyakenye, kwakukhona futhi nowasEsimahleni (lapho uzihlandlo abulawelwa khona) nowaseNkilingini.
Amabutho kaZihlandlo:
Udliki
Inguqa
Isihlabane
Izimpohlo
UZihlandlo nomfowabo uSambela babulawa uDingane ngo-1833 ngesikhathi uDingane ezama ukugudluza bonke abangane bakaShaka. Nabo babengabahlobo abakhulu bakaShaka. Ngemva kokubulawa kukaZihlandlo uDingane indawo yakhe wayinika uNdlela kaSompisi Ntuli. UMguquka kaMlulama kwakuyinkosi yekholwa eNgomankulu ngase-Camperdown.
USiyingela kaZihlandlo Mkhize
Izingane zikaSiyingela:
Ngunezi
Bubula (b. 1840) owazala uMudwa
Amabutho kaSiyingela:
Isivivane
Izinkuni
Amashayadlule
UNgunezi kaSiyingela Mkhize
Izingane zikaNgunezi:
Tilongo
Ndlavela
Sotsha
Ndida
Mlele
Sikhukhukhu
UNgunezi wayesebuthweni likababa wakhe uSiyingela Amashayadlule.
Amabutho kaNgunezi:
Umoya
Utshani
Izipiyane
UNgunezi washona ngo-1895. UMama kaTilongo wayeyindodakazi kaMswati. Ubukhosi bukaTilongo baqedwa ngabelungu ngemva kwempi kaBhambatha (1906) ngoba wayephatheka kulempi. Esikhundleni sakhe kwabekwa umfowabo uBubula. UBububla wayebusa e-Richmond, esifundeni sakhe kwakukhona imizi engu-447 nezindlu ezingu-1224.
USambela kaGcwabe Mkhize
Izingane zikaSambela:
Msengi owazala uMunyu owazala uJamengweni
Mgabisa
Masende
Ngangezwe
Hemula
Mangena
Mhlanga
Ntwasa
Mbamuza
Mafa
Sikhulekile owazala uMbokodo
Budu
Lukekelele
Mahoyiza
Nokhokhoba
Mfowethu
Nobobe
Maqinisi
Mangini owazala uZizwezibili
Umuzi kaSambela wawaziwa ngokuthi kuseMngeneleni. UMsengi wahamba wayokwakha esilungwini.
UNgangezwe kaSambela Mkhize
Izingane zikaNgangezwe:
Mqolombeni
Momoyi
Mfanyana
Gubhela
Simakade
Ndabazasembo
Ntokolo
Bhatata
Mlomubanzi
Mdudo
Nhlupho
Nodingithwayo
Ketshe
Mbayimbayi
Mgqabuzi
Ntapuna
Mabasa
Siqolo
Nondwana
Damana
Ngonyama
Myalo
Bagojele
Ndlebe
Nkunzi
Maku
Muthi
Umama kaNgangezwe kwakungudadewaboSomahashi Ngubane.
Amabutho kaNgangezwe:
Itshelemali
Ugobinhlendla
Umlilo
Izinyosi (UMbokodo kaSikhulekile wayekulelibutho)
UNgangezwe washona ngezi-7 kuMasingana 1898.
UMqolombeni kaNgangezwe Mkhize
Izingane zikaMqolombeni:
Mhlabunzima
Kadebona
Bhekigodi
Manzabilayo
Sokhela
Minye
Nxamalala
Gwamanda
UMqolombeni washona ngezi-17 kuMasingana 1920.
UMagaba kaMbangi Mkhize
Izingane zikaMagaba:
Bacwali
Notshelwa owazala uMthimkhulu owazala uNjana owazala uMabhunu owazala
uBangizwe
Thole owazala uNocanca owazala uMahawule owazala uDabulamanzi
Jeje [f]
UBacwali wahamba wayohlala esilungwini ngase-Richmond. UMabhunu kaNjana washona ngezi-8 kuMfumfu 1907, indodana yakhe uBangizwe wayephethe kwelaseXobho, esifundeni sakhe kwakukhona izindlu ezingu-150 nezindlu ezingu-290. uMahawule kaNocanca washona ngezi-17 kuNtulikazi 1901. Enye inkosi yakwaMkhize kwakunguBhinananda owayephethe ePhayindana (Pinetown), esifundeni sakhe kwakukhona imizi engu-1075 nezindlu ezingu-2228.
UShabase kaKhabazela Mkhize
Izingane zikaShabase:
Bhambada owazala uNgwenyeni owazala uMfinyeli noMabhodla noMngqapheli
Gebhula owazala uMkhaliphi owazala uMajumba noSidweba
UBhambada kaShabase wayeyinduna kaZihlandlo, ngokuhamba kwesikhathi wahamba waya esilungwini ngase-Richmond, nguyena owakhulisa uMagwaza ozala uMagema Fuze.
UNsele kaGcwabe Mkhize
Izingane zikaNsele:
Keswayo
Sigumeyana
Mantshonga
Mbiko
Dakadaka
Manqamu
Mahlashana
Swelambiba
UMgalaza Makati Mkhize
Izingane zikaMgalaza Makati noMzobolondo Dlamini:
Khulelaphi Philipina m. Mzikayise Jacob Ngidi
Bhoshobani
Lolwana Elphas
Buyenzeni Nelisiwe
Dindi Gladys m. Mnenjwa Jikela Chonco
Khulumile Grace m. Bobby Boy Gabela
UMgalaza Makati uzalwa nguMaDlomo. UMzobolondo Dlamini wazalelwa eMatimatolo, uyindodakazi kaMaSibiya waseNdingini khona eMatimatolo. ULolwana Elphas wafa engozini yemoto. UDindi Gladys wazalelwa eMatimatolo ngesikhathi sempi kaMgiyo, washadela eNhlonga, eNatal.
UNomangqabashiyana kaMkhashana Mkhize
Ingane kaNomangqabashiyana noSikhophela Mbatha:
Sintwangu m. Buthelezi
USintwangu uzala uBanqandi James.